Umphakathi uzivusele ibhuloho eligugulwe izikhukhula

Linda Ximba

Ngesikhathi ibhuloho labo ligugulwa yizikhukhula zakamuva KwaZulu-Natal, izingane bezilokhu zingayi esikoleni.

Bekuyingozi ukuwela umfula uMzinyathi ngaphandle kwebhuloho.

Esikhundleni sokulinda umasipala ukuthi uzolungisa leli bhuloho elicekeleke phansi, umphakathi waseMzinyathi eNanda uthathe isinqumo sokuzenzela wona.

Beholwa ngumculi wezokholo uBabo Ngcobo, abantu ababalelwa kwabangu-15 okubalwa nosomabhizinisi bendawo bahlangane ndawonye baqhamuka nesu lokwakha ibhuloho elisha.

Kubathathe izinsuku ezingaphezu kwezinhlanu ukwenza impilo ibe ngcono futhi.

“Leli bhuloho ligugulwe yizikhukhula ezinamandla. Liwusizo ezinganeni zesikole kanye nomphakathi. Ngesikhathi liguguleka ezinye izingane azikwazanga ukuya esikoleni ngoba kuyingozi ukuwela,” kusho uBabo.

Ubonge abafake isandla ngokunikela imali ukuze bathenge izinto zokwakha.

“Ngithanda ukwethula isigqoko kubo bonke abanikele ngemali nezinye izinto ukuze lo mzamo uphumelele. Besingeke sikwazi ukusonga izandla sibe singakwazi ukuzenzela okuthile.”

USibuyile Nhlapho ofunda esikoleni samabanga aphezulu KwaDabeka, uncome imizamo yalesi sihlabani somculo wokholo nezinkampani.

“Sibe nengcindezi ngesikhathi ibhuloho liguguleka. Siye saphoqeleka ukuthi sithathe eminye imizila okwenze ukuthi sifike sekudlule isikhathi esikoleni. Sengathi uNkulunkulu angababusisa ngokusiziza kwabo.”

Lesi sihlabani somculo wokholo sengeze ngokuthi simatasa sinikela ngezimpahla zokugqoka nokudla kwabaswele okwamanje abagcinwe ehholo eQadi eNanda.

“Laba bantu abanalutho njengoba imizi yabo icekelwe phansi yizikhukhula. Ngikwazile ukuthola izingubo zokugqoka nokudla nganikela ngakho. Ngithanda ukumema umSamariya olungileyo ukuthi naye asondele.”

Izihloko zakamuva