KULINDELEKE ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma amadoda amabili asolwa ngecala lokubulala owesilisa waseBhambayi eNanda.
Laba basolwa abaneminyaka engu-21 nengu-22 basolwa ngokuba yingxenye yomphakathi ohlasele wabulala owesilisa oneminyaka engu-38 obesolwa ngokuba yisigebengu endaweni yaseBhambayi eNanda.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Jay anaicker uthe, umufi ubeseBhambayi eNanda lapho ahlaselwe khona iqeqebane lomphakathi ngoMsombuluko ngo-3 ntambama.
Owesilisa ohlaseliwe ushayiwe walimala kanzima. Uphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane lapho afike ashonela khona. Kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa saseNanda.
"Ngesikhathi kwenziwa uphenyo endaweni yesigameko, amaphoyisa aseNanda abophe abasolwa ababili ngecala lokubulala. Laba bobabili kulindeleke ukuthi bavele enkantolo ngoLwesithathu. Kulindeleke ukuthi senyuke isibalo sabazoboshwa njengoba kusaqhutshekwa nophenyo," kusho uNaicker.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Khombisile Jula usigxeke kakhulu isenzo semiphakathi ezithathela umthetho ezandleni zawo.
"Angeke sivumele imiphakathi iziphathe ngalendlela bese izivikela ngokuthi ilwa nobugebengu. Labo abenza lokhu bazobhekana nengalo yomthetho ngokuphelele," kusho yena.
Sezivamile izigameko zokushaywa kwabantu abasolwa ngobugebengu KwaZulu-Natal. Nonyaka owesilisa (26) waseSundwini eFolweni watholwa eshonile ngemuva kokutitinywa umphakathi kusolwa ukuthi wantshontsha izimpahla emzini wephoyisa lasendaweni.