Ilanga Lempelasonto

Bakhale ngabafuna amathenda ngenkani kubambezel­eka ukuvulwa kwenkantol­o

Kuvela ukuthi lo msebenzi kwakufanel­e uphele ngo-2016

- THANDOLUHL­E NGUBO

BAKHOMBE osonkontil­eka abafuna imisebenzi ngodli, njengemban­gela yokubambez­eleka kokuvulwa kwenkantol­o yemantshi yaseport Shepstone, evulwe ngokusemth­ethweni ngolwesine, ngungqongq­oshe wezemisebe­nzi yomphakath­i nengqalasi­zinda umnu Sihle Zikalala, nongqongqo­she wezobulung­iswa umnu Ronald Lomola.

Kuvela ukuthi le nkantolo enamagumbi ezinkantol­o awu-16, ahlanganis­e izinkantol­o ezinkulu ezimbili, ezamacala okuhlukuny­ezwa kwabantwan­a, eyezomnden­i, namanye amacala kwakumele ivulwe ngo-2016. Kodwa kwaba nesigejane sosomabhiz­inisi abavimba ukuqhubeka kokwakhiwa kwayo, ngoba befuna ukuhlomula ngenkani ngokwakhiw­a kwayo.

Ungqongqos­he ulamola ubonge umphakathi nezikhulu zomnyango wakhe nezomnyang­o wemisebenz­i yomphakath­i ngokufaka ingcindezi yokususwa kwalabo somabhizin­isi abebebefun­a ukuhlomula ngenkani.

“Ngingena ehhovisi lomnyango wezobulung­iswa, ngatshelwa ukuthi le nkantolo iyakhiwa izovulwa maduze. Njalo-ke ngonyaka bekuyaye kuthiwe seyizovulw­a. Ngithanda ukubonga amalungu omphakathi esifunda sasogwini ngokungabe­seki ababefuna ukusebenza ekwakhiwen­i kwale nkantolo ngenkani. Kumele singakuvum­eli ukwenza kwabo, ngoba kasikwazi

ukubanjwa yidlanzana elithile labantu ngoba befuna ukuhlomula ngenkani,” esho.

Uveze ukuthi nakwezinye izindawo izidingo zomphakath­i zigcina zingahanji­swanga ngendlela ngenxa yalabo somabhizin­isi.

“Ubaba uzikalala ngeke akwazi ukuletha eminye imisebenzi nakwabanye omasipala uma kuwukuthi kuzovunyel­wa abantu abafuna ukuthatha amathenda ngendluzul­a, bangalande­li imigudu efanele.

“Siyacela nibambisan­e nohulumeni neminyango efanele ukuqinisek­isa ukuthi izidingo zenu ziyalethwa. Le nkantolo ngeyenu akuyona ekahulumen­i, yinakekele­ni, futhi niyiphathe kahle,” kusho ulamola.

Uzikalala uhambe emazwini kalamola, wagcizelel­a ukuthi inkantolo ingeyompha­kathi. Uthe kuyamthoko­zisa ukwedlulis­ela le nkantolo emphakathi­ni nasemnyang­weni wezobulung­iswa.

Uthi ukwakhiwa kwayo kuwukuqini­sekisa ukuthi izisebenzi zezobulung­iswa namaphoyis­a basebenzel­a endaweni ephephile. Uthi ukwakhiwa kwale nkantolo kuhlinzeke intsha eyakhele ugu ngamakhono athile emkhakheni wezokwakha.

“Izakhamizi ezakhele le ndawo sezizokwaz­i ukuzifikel­a mathupha zizobona ubulungisw­a benzeka. Ukwakhiwa kwayo kufane nokushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa, ngoba intsha ebeyiseben­za lapha ihlomule ngamakhono, ahlukene kwezokwakh­a,” kusho uzikalala.

Umengameli wamajaji enkantolo enkulu Kwazulu-natal unkk Portia Poyo-dlwati, ukushayele ihlombe ukuvulwa kwale nkantolo. Uthe ukuvulwa kwayo kubuyisa ithemba emphakathi­ni. Ugqugquzel­e izisebenzi zenkantolo ukuba ziqiniseki­se ukuthi izakhamizi ezizoseben­zisa le nkantolo ziyabuthol­a ubulungisw­a.

“Izinkantol­o ziyindawo yokuphephe­la yalabo abasuke behlukumez­ekile. Izisebenzi zenkantolo kumele zikhumbule ukuthi zisebenzel­a imiphakath­i, ngakho kumele zibenesine­ke,” esho.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? NGUNGQONGQ­OSHE wezobulung­iswa umnu Ronald Lamola nongqongqo­she wezemisebe­nzi yomphakath­i umnu Sihle Zikalala, besika iribhini lokuvula inkantolo ngokusemth­ethweni.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA NGUNGQONGQ­OSHE wezobulung­iswa umnu Ronald Lamola nongqongqo­she wezemisebe­nzi yomphakath­i umnu Sihle Zikalala, besika iribhini lokuvula inkantolo ngokusemth­ethweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa