UNkk uZakithi Nkomo, umsunguli weSoft Lending, inkampani ebolekisa ngemali, ne-Asante HR Consulting egxile kwezakwandabazabantu

Isithombe: Sithunyelwe

Uvala igebe embonini yezimali ogxile enkampanini elekelela osomabhizinisi abaphila ngamathenda kahulumeni ukuthi bangawi. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

BEKUMKHATHAZA ukuzwa inzalo emba eqolo abantu abayikhokhiswa ngomashonisa. Okunye obekumphatha kabi wukuwa kwamabhizinisi abantu abamnyama abathembele kakhulu ekutholeni umsebenzi kuhulumeni ngenxa yokungakhokhelwa ngesikhathi noma ngenxa yokuthi uma sebekhokhelwe imali eningi igcina iphelele komashonisa. 

Nokuthanda ukubona kwanda amabhizinisi abantu abamnyama nakho bekumshisa ngaphakathi. Yiloku okugqugquzele uNkk uZakithi Nkomo ukusungula inkampani ebolekisa ngemali iSoft Lending.

Igxile ekubolekeni izinhlobo ezimbili zabantu. Abokuqala ngabantu abathola umsebenzi kuhulumeni kodwa bengenayo imali yokuwenza ngaphambi kokukhokhelwa. Abesibili yilabo abasuke sebezothatha umhlalaphansi abasuke bedinga imali ezobasiza ngenkathi besalinde kuphume imali yabo.

Le nkampani, esungulwe ekuqaleni kwalo nyaka, igunyazwe yiNational Credit Regulator.

UNkk uNkomo uthi abajahi ukuthi umuntu bamboleke imali kodwa kubona okumqoka wukubheka nokuthi inkampani esuke iboleka imali iyiphatha kanjani noma inalo yini uhlelo oluhlelekile lokuphatha imali engenayo nephumayo.  

“Asijahi thina ukuthi ngoba nakhu uthe ucela sikuboleke uR800 000 bese sivele siyakunikeza leyo mali. Sinohlelo esilusebenzisayo ukubheka isicelo sakho futhi sidinga usivulele amabhuku akho ukuze sibone ukuthi isimo sihamba kanjani ngoba kokunye uthola ukuthi uma umuntu engacathuliswa ngendlela okuyiyona yona yokuphatha imali ngeke adinge yonke le mali abethi uyayiboleka.

“Kukhona ikhasimende lethu elake lafika lithi lidinga uR800 000 kodwa sathi uma sesicubungule kahle, salisiza lashintsha izinto ezithile endleleni elenza ngayo, kwatholakala ukuthi umthetho walo lidinga ukuboleka uR500 000,” kusho yena. 

UNkk uNkomo, oneminyaka engu-38, uthi njengosomabhizinisi nabo bayakuqonda ukuthi kwesinye isikhathi uma umuntu ekhulisa ibhizinisi uyampintsheka futhi igama lakhe liyangcola ngenxa yokuthi usuke esaphemba nokungakho bona bebabhekelela nalabo bantu uma nje sebegculisekile ngezinto abadinga ukuzibheka njengobufakazi bokuthi uwutholile ngempela umsebenzi, babheka amabhuku akhe, kwenziwa kahle nesivumelwano sokukhokhelana.

Ukunciphisa ingozi isivumelwano sokukhokhelwa basenza sifake umasipala noma umnyango kahulumeni osuke ukunike umsebenzi nokuthi uma sekufike isikhathi sokukhokhelwa umasipala ubakhokhele ngqo nabo. 

Lapho kungenzeki loko wena oboleka imali kudingeka ubanike amagunya okuthi nabo basayine ebhange. Uma kuwukuthi udinga imali othi eyokukhokhela izisebenzi noma othenga kubona, lowo msebenzi bawenza bona ngqo.

Kusukela beqalile sebebolekise ngoR15 million emakhasimendeni angaphezudlwana kwawu-50 kanti imali ababolekisa ngayo umuntu ngamunye iphakathi kukaR50 000 noR2m. 

UNkk uNkomo uthi yize ethanda futhi ezimisele ukusiza amabhizinisi abantu besifazane kodwa kuyamkhuthaza futhi nokusiza izinkampani ezenza kuqasheke amadoda amnyama ngoba kumphatha kabi ukuwabona ebuthene emakhoneni emigwaqo efesile. Yingakho kumjabulise ukuthi elinye lamakhasimende abo wumuntu osemkhakheni wezobuchwepheshe bokuxhumana nokuthe ngosizo lwabo wakwazi ukubuyisela izisebenzi eziwu-20 emsebenzini. 

“Manje usekwazile nokuthola ezinye izinkontileka. Inkampani yabo ifaka izinto ezifana (ne-5G) kanti kukhona enye inkontileka nenkampani enkulu engingeke ngikwazi ukuyisho ayitholile nezokwenza aqashe abanye abantu abawu-50. Nakuba inkampani yethu isewusana kodwa kuyangijabulisa ukuthi ngokungenelela kwethu kuba nalo (mphumela) omuhle,” kusho uNkk uNkomo.

UNkk uNkomo, ozalwa Olundi, uneminyaka emithathu ezisebenza njengoba enenye inkampani elekelela izinkampani ngezakwandabazabantu i-Asante HR Consulting. Uthi kule nkampani basiza abantu abangenawo amandla futhi abangenaso isidingo sokuthi babe nomnyango wakwandabazabantu ongaphakathi. 

Yingenxa yayo futhi le nkampani bekwazi ukuthi labo bantu abasuke bebaboleke imali bathathe izintambo zokuthi bakhokhele izisebenzi zabo uma kuwukuthi imali abayibolekayo ngeyokubhekelela loko.

Ezakwandabazabantu yiwona mkhakha awufundele njengoba esebenzele izinkampani ezihlukene iminyaka ewu-16 ngaphambi kokuzimela. Uneziqu ze-Industrial Psychology zaseRAU, esibizwa nge-University of Johannesburg ne-Post Graduate Diploma in Human Resources yaseVarsity College. 

Uthi yize ukuzisebenza kunzima kodwa kumsizile ukugana usomabhizinisi ngoba ufunde okuningi ngokubukela kuye. Unendodana eyodwa.

“Isikhathi esiningi uma uzisebenza nguwe wedwa okufanele ubone (ukuthi) wenze njani. Ngibonile umyeni wami enza amaphutha futhi ngibonile ephumelela kokunye. Ngesikhathi ngimbona ehluleka aphinde aphumelele bengigqugquzeleka kodwa kwake kwaqale kwadingeka ukuthi omunye wethu akaqhubeke asebenze ukuze izinto zizobhalansa. 

“Ukuhlasela kweCOVID-19 kube nzima kodwa ngisibonile isibindi ekhaya nesenze ukuthi sisukume sithi siqhubekela kanjani phambili. Ukukholwa kusisizile kanjalo nokusebenzisana nabantu esibuka izinto ngendlela efanayo nabo,” kusho uNkk uNkomo. 

Facebook: Zakithi B Buthelezi Nkomo

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.

You cannot copy content of this page